DEAR MZUKULU

DEAR MZUKULU

A Poem by M La Mellz
"

Author: M La Mellz "My Words To My Generation!"

"
Dear Mzukulu,
Ngibhala lenkondlo ngosizi olukhulu.
Engithemba ukuthi emyakeni eyikhulu,
uzobe usayimumethe ngesifuba!

Bheka luyeza usuku olukhulu,
lapho ziyobhonga khona ngolaka
olukhulu!
Zibange umsindo omkhulu,
kube ngathi amadoda ayikhulu!

Mzukulu, zwana amazwi ami,
ngikulandisa ngokubhonga
kweziNgonyama!
Mzukulu, Lomhlaba ugcwele asebafa!

uma impi imisa ngakuwe,
ungabaleki ugcwale amathafa!
Nxa kubhonga izingonyama,
wokwembatha isikhumba
esingenanyama,
weyame ngaso isibaya!

iy'ntaba namawa kuyodilika,
kepha ziyosinda iy'Ntaka!
Lesi yisibaya engasakhela amadodana
namadodakazi ami,
kepha bayosivusa uma siwa ukuze
kuhlale nabazukulu bami!

Leli yifa lakho,
wena nabazukulu bakho!
Dlulisa isiyalo sam kuwe,
usudlilisele kuso isizukulwane sakho!

Mzukulu, okwami akudli endle,
funa kubanjwe yizimpisi endle?
NginguMzulu Mzukulu,
bheka yilo lolu ulwazi olunzulu!

ang'chemanga namangisi,
nawe ngokunjalo ungabi yiphisi!
Ungazingela izindaba zosopolitiki,
nemikhondo yamangisi ayizipoki!

Hlala la esibayeni,
ulime ensimini!
Ekseni nasemini,
uyakubaphakela abezizwe
nabofokazana abalambileyo,
kepha Ntambama uyakuhlala phansi
udle nabantwana obazeleyo.

Bafundise ngokuseleyo,
indlala enkulu eyasek'seni, ikakhulukazi
kozeleyo!
Mtanam abaqala lempi sebelele,
zizobhonga iyngonyama enhla komuzi
ungazelele!

Ungabavusi nabantwana uma belele,
lento ayithi shu!
Beng'cela uyishalazele!
Konke lokhu kushaye indiva,
umsindo wezingonyama uliqedile
elikaMthaniya!

Zibhonga zingaphesheya kwezilwandle,
imibombo yazo ishintshe ngaphandle,
wo! Kuwe wena osendle,
bheka lezizilwanyana zyoqhamuka
ngalo ulwandle!

Mzukulu yizwa amazwi ami,
uqaphele ulimi lwabathakathi!

© 2016 M La Mellz


My Review

Would you like to review this Poem?
Login | Register




Share This
Email
Facebook
Twitter
Request Read Request
Add to Library My Library
Subscribe Subscribe


Stats

215 Views
Added on January 17, 2016
Last Updated on February 26, 2016

Author

M La Mellz
M La Mellz

Durban, Kzn, South Africa



About
I'm Inamandla Meluleki Mpanza "M.L'Mellz" the Writter, Poet. My Genres are Narrative, Ballad and Limerick. I'm from South Africa, under a Zulu tribe. The reason why i use my pseudionym "M La Mellz" it.. more..

Writing